Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. NgeNehiloti. Ihubo likaDavide. Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.
Verse 2: Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.
Verse 3: Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
Verse 4: Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe.
Verse 5: Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.
Verse 6: Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
Verse 7: Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.
Verse 8: Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
Verse 9: Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
Verse 10: Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, ubawise ngobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bahlubukile kuwe.
Verse 11: Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.
Verse 12: Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.