Verse 1: Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.
Verse 2: UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.
Verse 3: Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.
Verse 4: Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama.
Verse 5: INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.
Verse 6: UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.
Verse 7: Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,
Verse 8: osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.
Verse 9: Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.
Verse 10: Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu.
Verse 11: UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.
Verse 12: Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.
Verse 13: Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
Verse 14: Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
Verse 15: Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.
Verse 16: Uyanika iqhwa njengoboya; uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
Verse 17: Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?
Verse 18: Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; uyavusa umoya wakhe, amanzi agobhoze.
Verse 19: Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.
Verse 20: Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya!