Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. Ihubo lika-Asafa. Igama. Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze; balanda izimangaliso zakho.
Verse 2: Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga.
Verse 3: Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; mina ngimisile izinsika zawo. Sela
Verse 4: Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.
Verse 5: Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu, ningajoqi ngentamo elukhuni.”
Verse 6: Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,
Verse 7: kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.
Verse 8: Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.
Verse 9: Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
Verse 10: Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.