Verse 1: Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 38:1 AmaH. 6:1; Jer. 10:24.
Verse 2: Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. 38:2 Dut. 32:23; Jobe 6:4.
Verse 3: Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
Verse 4: Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
Verse 5: Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. 38:5 AmaH. 40:12.
Verse 6: Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.
Verse 7: Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami.
Verse 8: Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
Verse 9: Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe.
Verse 10: Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
Verse 11: Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. 38:11 Jobe 19:13; AmaH. 27:10.
Verse 12: Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.
Verse 13: Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. 38:13 Isaya 53:7.
Verse 14: Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.
Verse 15: Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.
Verse 16: Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”
Verse 17: Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.
Verse 18: Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami.
Verse 19: Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. 38:19 AmaH. 3:1.
Verse 20: Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo. 38:20 AmaH. 119:95.
Verse 21: Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.
Verse 22: Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.