Psalms - Chapter 141

Verse 1: Ihubo likaDavide. Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.

Verse 2: Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

Verse 3: Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.

Verse 4: Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.

Verse 5: Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.

Verse 6: Abahluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

Verse 7: Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

Verse 8: Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami; ngiyakwethemba wena; ungathululi umphefumulo wami.

Verse 9: Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.

Verse 10: Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories