Verse 1: ElikaSolomoni. Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho.
Verse 2: Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.
Verse 3: Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga.
Verse 4: Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.
Verse 5: Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.
Verse 6: Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.
Verse 7: Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.
Verse 8: Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
Verse 9: Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli.
Verse 10: Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.
Verse 11: Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.
Verse 12: Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.
Verse 13: Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.
Verse 14: Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.
Verse 15: Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba, bayithandazele njalo, bayibusise lonke usuku.
Verse 16: Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.
Verse 17: Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.
Verse 18: Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.
Verse 19: Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
Verse 20: Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.