Verse 1: Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.
Verse 2: Bongani uJehova ngehabhu; mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi. 33:2 AmaH. 92:3.
Verse 3: Mhubeleni ihubo elisha, nibethe kahle ngenhlokomo.
Verse 4: Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. 33:4 Num. 23:19; 1 Sam. 15:29.
Verse 5: Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova. 33:5 AmaH. 119:64.
Verse 6: Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. 33:6 Gen. 1:2.
Verse 7: Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni. 33:7 Gen. 1:9; Jobe 38:8.
Verse 8: Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
Verse 9: Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona. 33:9 AmaH. 148:5.
Verse 10: UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu. 33:10 Jobe 5:12; IzA. 21:30.
Verse 11: Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane. 33:11 IzA. 19:21; Isaya 46:10.
Verse 12: Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. 33:12 AmaH. 144:15.
Verse 13: UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.
Verse 14: Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni, 33:14 AmaH. 11:4.
Verse 15: yena owadala izinhliziyo zabo bonke, oqaphela zonke izenzo zabo. 33:15 IzA. 16:1,2,9; 21:1.
Verse 16: Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. 33:16 2 IziKr. 14:11.
Verse 17: Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. 33:17 AmaH. 147:10; IzA. 21:31.
Verse 18: Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,
Verse 19: ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. 33:19 Jobe 5:20; AmaH. 34:9; 37:19.
Verse 20: Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu. 33:20 Dut. 33:29.
Verse 21: Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.
Verse 22: Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.