Psalms - Chapter 37

Verse 1: Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.

Verse 2: Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.

Verse 3: Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;

Verse 4: zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

Verse 5: Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.

Verse 6: Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini.

Verse 7: Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.

Verse 8: Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.

Verse 9: Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

Verse 10: Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.

Verse 11: Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.

Verse 12: Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.

Verse 13: INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.

Verse 14: Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.

Verse 15: Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe.

Verse 16: Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.

Verse 17: Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.

Verse 18: UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade.

Verse 19: Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.

Verse 20: Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.

Verse 21: Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.

Verse 22: Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.

Verse 23: Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.

Verse 24: Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

Verse 25: Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.

Verse 26: Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.

Verse 27: Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.

Verse 28: Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.

Verse 29: Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.

Verse 30: Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.

Verse 31: Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli.

Verse 32: Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.

Verse 33: UJehova akayikumnikela esandleni sakhe; akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.

Verse 34: Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.

Verse 35: Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;

Verse 36: kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.

Verse 37: Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.

Verse 38: Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke; isikhathi sababi siyakunqunywa.

Verse 39: Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

Verse 40: UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories