Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama. UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
Verse 2: ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
Verse 3: Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
Verse 4: Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela
Verse 5: Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
Verse 6: Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
Verse 7: UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.