Psalms - Chapter 49

Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

Verse 2: abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu.

Verse 3: Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

Verse 4: Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu. 49:4 AmaH. 78:2.

Verse 5: Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

Verse 6: labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

Verse 7: Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

Verse 8: Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini

Verse 9: ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

Verse 10: Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye. 49:10 Shum. 2:16,18; Jer. 17:11.

Verse 11: Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

Verse 12: Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo. 49:12 Shum. 3:19.

Verse 13: Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela

Verse 14: Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Verse 15: Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela

Verse 16: Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. 49:16 AmaH. 37:1,7.

Verse 17: Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye. 49:17 Jobe 27:16; AmaH. 39:6; Luk. 12:15.

Verse 18: Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle,

Verse 19: nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.

Verse 20: Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories