Psalms - Chapter 92

Verse 1: Ihubo. Igama losuku lwesabatha. Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

Verse 2: ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,

Verse 3: ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu elizwakala kamnandi.

Verse 4: Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho; ngiyakumemeza ngokujabula.

Verse 5: Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

Verse 6: Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.

Verse 7: Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.

Verse 8: Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

Verse 9: Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, bheka, izitha zakho, ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

Verse 10: Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.

Verse 11: Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

Verse 12: Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari eLebanoni.

Verse 13: Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

Verse 14: Nasebudaleni bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,

Verse 15: ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories