Verse 1: Ihubo lika-Asafa. Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
Verse 2: Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.
Verse 3: Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.
Verse 4: Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo, namandla abo aqinile.
Verse 5: Abahlupheki njengabanye abantu; abahlushwa njengabanye abantu.
Verse 6: Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.
Verse 7: Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.
Verse 8: Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla; bakhuluma besekuphakamemi.
Verse 9: Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
Verse 10: Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha; amanzi amaningi bazimuncela wona.
Verse 11: Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”
Verse 12: Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.
Verse 13: Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala,
Verse 14: ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.
Verse 15: Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
Verse 16: Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,
Verse 17: ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
Verse 18: Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.
Verse 19: Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.
Verse 20: Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
Verse 21: Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami,
Verse 22: ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe.
Verse 23: Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.
Verse 24: Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.
Verse 25: Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
Verse 26: Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Verse 27: Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.
Verse 28: Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.