Psalms - Chapter 78

Verse 1: IMaskili lika-Asafa. Zwanini, bantu bami, umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.

Verse 2: Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.

Verse 3: Esikuzwileyo sakwazi, nawobaba abasitshela khona,

Verse 4: asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.

Verse 5: Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,

Verse 6: ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo,

Verse 7: babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.

Verse 8: Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

Verse 9: Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lokulwa.

Verse 10: Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

Verse 11: bakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.

Verse 12: Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.

Verse 13: Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.

Verse 14: Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.

Verse 15: Waqhekeza amadwala ehlane, wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.

Verse 16: Waphumisa edwaleni izifufula, wehlisa amanzi njengemifula.

Verse 17: Nokho baqhubeka benza ukona kuye, baphambana noPhezukonke ehlane.

Verse 18: Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla abakufisayo.

Verse 19: Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

Verse 20: Bhekani, washaya idwala, kwaphuma amanzi, nemifula yampompoza; kepha angabanika nesinkwa, alungisele abantu bakhe inyama, na?”

Verse 21: Ngalokho uJehova ekuzwa lokho wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe, ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

Verse 22: ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu, abathembanga ensindisweni yakhe.

Verse 23: Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu,

Verse 24: wanisa phezu kwabo imana kube ngukudla, wabapha amabele ezulu;

Verse 25: abantu badla isinkwa sezingelosi, bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

Verse 26: Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini; ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

Verse 27: Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli, nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

Verse 28: Wakwehlisa phakathi kwekamu labo naphakathi kwezindlu zabo.

Verse 29: Badla, basuthiswa kakhulu; baphiwa abakufisayo.

Verse 30: Bebengakahlukani nokufisa kwabo, ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,

Verse 31: intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela, wabulala abakhulupheleyo babo, wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

Verse 32: Nokho bona njalo, abakholwanga yizimangaliso zakhe.

Verse 33: Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.

Verse 34: Lapho ebabulala, bamfuna; babuye bamfunisisa uNkulunkulu.

Verse 35: Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.

Verse 36: Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

Verse 37: ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye, bengathembekile esivumelwaneni sakhe.

Verse 38: Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.

Verse 39: Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo.

Verse 40: Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi.

Verse 41: Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.

Verse 42: Abakhumbulanga isandla sakhe nosuku abahlenga ngalo ezitheni,

Verse 43: lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.

Verse 44: Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi, ukuze bangabi nakuphuza.

Verse 45: Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo namasele ababhubhisayo.

Verse 46: Wanika imiswenya ukudla kwabo, nomsebenzi wabo isikhonyane.

Verse 47: Wabulala imivini yabo ngesichotho, nemikhiwane yabo ngesangquma.

Verse 48: Wanikela izinkomo zabo esichothweni nezimvu zabo kuyo imibani.

Verse 49: Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.

Verse 50: Walungisela intukuthelo yakhe indlela; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

Verse 51: Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.

Verse 52: Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu; wabahola ehlane njengomhlambi.

Verse 53: Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.

Verse 54: Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele, entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.

Verse 55: Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.

Verse 56: Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe.

Verse 57: Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo.

Verse 58: Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.

Verse 59: UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli.

Verse 60: Walishiya itebernakele laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu.

Verse 61: Wanikela amandla akhe ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.

Verse 62: Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe.

Verse 63: Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo; izintombi zabo azihutshelwanga.

Verse 64: Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila.

Verse 65: Yayisivuka iNkosi njengokade elele, njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,

Verse 66: yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade.

Verse 67: Yalahla indlu kaJosefa, ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.

Verse 68: Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.

Verse 69: Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade.

Verse 70: Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu.

Verse 71: Esalandele izimvukazi ezenyisayo, yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli.

Verse 72: Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories